Call US NOW 033 846 9900

INKULUMO YESILO NGOSUKU LOKUGUBHA IMINYAKA EYI-142 YEMPI YASE SANDLWANA NGAPHANSI KWENGQIKITHI ETHI: UKHUVETHE IMPI YESIZUKULWANE SETHU NESIDINGA SONKE

mxakaza

Isidalwa esingumuntu impilo yaso yonke ihlale ingumzabalazo. Lo mzabalazo uqala ezintweni ezincane uye ezintweni ezinkulu. Kuqala ekuthatheni isinqumo esiyiso, ukuhlukanisa phakathi kokubi nokuhle. Ukulalela lapho welulekwa ngabanye abantu, kungabikho ukubukelana phansi, nokuzifundisa ukuzithiba nokuba nempokophelo yokuqhamuka nesixazululo. Lona ngumzabalazo oba semqondweni ngoba uthinta amandla okukwazi ukuthatha izinqumo eziphusile.

Njengesakhamuzi, ngaphandle kukaHulumeni, unawo umthwalo wokuthatha izinqumo ezingeke zingcine nje ngokukuweza kokuthile kepha ziweze ngisho umphakathi wakho kanye nezwe. Kanjalo njengombusi noma umholi unomthwalo wokuthatha izinqumo ngokuhlanganyela nabakusingethe nomphakathi ngezinqumo ezingaba nomthelelela hhayi kuphela emlandweni wobuholi bakho kepha nakubantu obaholayo ukuze kube nokuthula.

Omunye umzabalazo empilweni yilowo wokukwazi ukuthatha izinqumo esigabeni somphakathi nakuHulumeni. Lapha kusuke kumqoka ukuthi kube khona ukuxhumana  okuyikho phakathi kwababusi nalabo ababuswayo ngaleso sikhathi.  Lokhu kuxhumana, ukuze kuthele izithelo, kumele kube nokwethembana phakathi kwababusi nalabo ababuswayo.

ENingizimu Afrika ngeshwa kubukeka kukhona okungahambi kahle ekuxhumaneni nasekwethembaneni phakathi komphakathi noHulumeni. Lokhu akukuhle ngoba kunqinda ngisho ukugeleza kwemiyalezo engasindisa isizwe.  Uma singabantu abalikhulumayo nabalimelayo iqiniso sizokwamukela ukuthi ubudedengu obukhulu nokwenze izibalo zabathelelekayo nabafayo zaphakama ezweni, kube ukwehluleka kobuholi ekuthatheni izinqumo ezingujuqu kanye nabantu abahluleke ukulalela imiyalelo nokuthatha izinqumo ebezingasindisa isizwe sonke.

Yebo, siyisizwe esehlulekayo ukunikana indlebe. Ubuholi abulaleli abantu kanti nabantu ababulaleli ubuholi. Ngeshwa umphumela walokhu siyawubona nsuku zonke lapho sizwa ngokufa kwabantu kuwo wonke amazinga empilo ngenxa, ikakhulukazi yokwehluleka ukulalela imiyalelo nokwedlulisa imiyalelo eyiyo ngesikhathi esiyiso. Konke lokhu kuncike emandleni okwenza izinqumo. Ngalesi sikhathi esinzima kangaka ezweni ngaphandle kokusolana, kuhle ukuthi umuntu  ngamunye azibuze ukuthi ngabe isinqumo engisithathe izolo nengisithatha namuhla siyiso yini? Siyakuvikela yini, siyawuvikela yini umndeni wakho, siyavikela yini umphakathi nesizwe jikelele.

Abaholi labo abakhethwe ngabantu nalabo abavele ngokwesiko okungaMakhosi kanye nalabo bezenkolo,  kuhle ngalesi sikhathi nabo bazibuze ukuthi izinqumo zabo zibasindisile yini abantu ababaholayo. Ngokukhuluma nangezenzo ngabe njengomholi ube yingxenye yesixazululo noma uqhubekile nokujulisa umgodi isintu esingene kuwo.

Njengabaholi nikwazile yini ukusebenza ngokubambisana ukuze kuqhanyukwe nesixazululo noma okungqamile ‘ngumina’ ngesikhathi lapho isixazululo silelele ‘kuthina’.  Impendulo eneqiniso kulokhu yiyo engaba yisiqalo sesixazululo kwesibhekene nakho.

Iqiniso lithi izwe lethu, kanjalo nomhlaba jikelele ,udinga uhlobo oluthile lwabaholi. Abaholi abaziyo uma impendulo yenkinga ingasekho kubo, kepha isilele kithi sonke. Abaziyo ukuthi kwesinye isikhathi inkinga iyakwazi ukusiphoqa ukuba sisebenzisane ngoba impendulo ilele emakhonweni ethu ehlukene. Lolu wuhlobo lwabaholi abaziyo ukuthi bona bangabavikeli balokho okungaba yifagugu lezizukulwane.

Umlando uke wasivezela abaholi abanjalo kuyo yonke imiphakathi nakumagumbi amane omhlaba. Abanye sifunde ngabo ,abanye baphila phakathi kwethu. Lolu bekunguhlobo lwabaholi abanombono nabamukelayo ukuthi okumqoka ukuvikela nokuthuthukisa isintu. Laba ngabaholi abamukela ukuthi ukuphila, kanjalo nokuhola kwabo kuyibhuloho elixhumanisa  isizukulwane abasiholayo naleso esizayo, okungenzeka ukuthi uma sifika bona babe bengasekho. 

Ukunqotshwa kwesitha

Umlando uyasivezela ukuthi noma ngabe yisiphi isitha siyanqoba uma labo esibhekene nabo bengaxoxi futhi bengathembani, uma bengalaleli futhi bengalalelani. IsiZulu size sexwayiso lapho sithi : “Impi yesongo ayiphumi ekhaya” ngoba belu kayibuyi kepha iphelela yonke empini. Ubufakazi bale nkulumo siyabubona emlandweni wempi enkulukazi lapho uZulu ayemele khona ama-Afrika onke ngonyaka wezi-1879. 

Akuyona imfihlo ukuthi ngesikhathi uZulu ephoqeleka ukuyozovikela kubahlaseli okwabe kuyiziqhwaga zamaNgisi ngaleso sikhathi, kwabe kukhona ukungaboni ngasolinye kokuningi kusuka kuyo iNdlunkulu kaZulu nasemazingeni ezigodi nemizi. Kepha ngokwazi ubumqoka balempi kuso iSihlalo nasezizukulwaneni zikaZulu, isizwe ngaleso sikhathi sathatha isinqumo. Lesi kwabe kuyisinqumo sokuba phezu kwemibono eyahlukene, enkundleni yempi akubhekwane nesitha sinqotshwe okunye kwegceke kukhulunywe emuva kokunqoba. Sekungumlando ukuthi zayidudula ezikaJininindi laduma emini eminyakeni eyi-142 eyedlule kuleya ntatshana eyabe ibizwa ngeSandlwana.

Lamadoda akudala asifundisa ngezenzo nangezingazi zawo ukuthi ukunqotshwa kwempi kulele esinqumeni esithathwa ingakahlangani. Ukuthi ukunqoba akukona okwaloyo osuke esempini kuphela, kepha okumqoka ukunqobela izizukulwane. Namuhla singuZulu nje siyazigqaja ngenxa yempi eyanqotshwa ngabazali babazali bethu. Umbuzo uthi ngabe thina yikuphi esiyokukhomba njengempi esayilwa sayinqobela izizukulwane ezizayo na?  

Njengoba kwabe kunjalo eSandlwana ,amathuba okuthi libhubhe ngathi akhona. Kepha khona lapho nethemba lokunqoba likhona. Ngaloya nyaka we-1879 akekho owabe enika uZulu ithuba lokunqoba. Kwase kulotshiwe ukuthi izoguqa eyaboHlanga. Kepha lathi lishona umlando kwangomunye ngoba ezikaJininindi, uMkhumbi wempi kaZulu, amadelamzimba  ayigqobhoza intaba ebomvu okungamaNgisi.

Impi yezikhathi zethu

Esikhathini esikuso bukhona ubufakazi bokuthi okubhekene nathi namuhla kuyefana nalokho okwabe kubhekene nesizukulwane sikaZulu esabe sibhekene nempi yokugcina. Impi eyabe ingaqeda ngesimiso soBukhosi futhi ibe nomthelela esizukulwaneni esizayo. NjengoZulu wasendulo phambi kwethu kukhona isitha esinamandla. Lesisitha, njengamaNgisi ngaleso sikhathi, sesichobozele inqwaba kuwo wonke amagumbi amanye omhlaba. Lesi sifo wukhuvethe, iCOVID-19. Lesi siqhwanga sinezibongo ngoba kasikhethi; umkhonto siwufaka endodeni nasemfazini, siwufake eBukhosini, kuHulumeni, emabandleni,othisha ,nakwabezempilo imbala, muva nje usubhuqa nabancane. Kasinasigwili nampofana noma uhlanga lomuntu. Kasibonakali kepha umzila waso uyabonakala lapho usushiye khona kukhalwa.

Lena impi yezikhathi zethu, ngeyesizukulwane sethu.Impi edinga ukucatshangisiswa ukuze siphumelele. Njengakuzo zonke izimpi, bakhona abasala enkundleni, abasondelene nathi nabakude. Ngalesi sikhathi sempi imindeni izolahlekelwa ngabesilisa nabesifazane, abadala nabancane. Njengakuzo zonke izimpi nakulena  kuyoba khona izibazi, intukuthelo, ukusola nokwesaba  kanjalo nezifundo ezitholakalayo. Injalo impi ,iguqula indlela yokuphila, kuthi khona lapho ilunguzise okusha okuzayo.

Namuhla awukho umuzi ongenaphilisi noma imishanguzo. Akekho umuntu ongathi akazi ngomndeni noma umphakathi osunesidumbu phansi ngenxa yalesi siqhwaga nesitha sethu sonke. Mina qobo ngingalanda izigameko eziningi zokuhamba kwamalungu eNdlunkulu, abaholi ezinhlakeni zobuholi nakuHulumeni, izethenjwa zami nabeluleki bami abadliwe yilesi sifo. Ngamafuphi, sikhona lesisifo, futhi siyabulala.

Okubi nokubuhlungu ngalesisifo ukusephuca kwaso isithunzi sethu. Ukhuvethe seluhlubule konke, alugcini ngokuthatha izihlobo zethu, kepha ludlavuza nesimiso sesikonkolo lethu. Namuhla amadoda nabafazi bemizi balondolozwa ngaphandle kokungena emizini yabo, into engakaze icatshangwe ukuthi izinhloko zekhaya seziyophumela ngaphandle kwesibaya nemizi yakwabo.

Akugcini lapho ngoba ngenxa yokhuvethe amasiko emindeni nesizwe kanjalo nohlelo lwezinkonzo alusalandelwa uma kulondolozwa umuntu. Lokhu angingabazi ukuthi kuzoba nomthelela ongemuhle ezimweni zemiqondo  yabantu abaningi, selwadlula ukhuvethe. Ngamafuphi ngithi kumele siqalele manje ukuqhamuka nezinhlelo zokulekelela abantu okungenzeka ngenxa yokhuvethe bahlaselwe ingcindezi yengqondo. 

Uma ngikhuluma ngokhwantalala angikhulumi ngento engakhonjwa emalungweni omphakathi kuphela, kepha nakubo ababhekelele ezempilo, ikakhulukazi labo abasekhaleni lokulwa nalo mkhuhlane ezibhedlela. Ukubona kwabo abantu begingqika nsukuzaphuma ngezinga elingejwayelekile, nakanjani kuzoba nomthelela ongemuhle kwabanye. Ngeke kube yibo bodwa, kepha kuyoba yisimo esifanayo nasemindenini yabo. Cishe kuyoba ngesifanayo nakothisha nezingane zesikole njengoba sekuzwakele ukuthi baningi othisha asebehlabekile, nokungenzeka kwenabele nakuzo izingane zethu.Ngendlela esibhebhetheka ngakhona lesisifo, kuyayikhomba inhlekelele esisazobhekana nayo.

.

Inselele nempendulo ngokosiko

Njengoba sengike ngabeka phambilini ngokwesiko lwethu uma kuhambe umuntu kunezinto ezenziwayo kodwa kulesisikhathi isimo sokhuvethe ngendlela esithathelana ngaso kubiza ukuba nilinde kwedlule lelifu elimnyama

Njengomnikazi wesiko ngiyakuqonda ukudideka nokukhathazeka uma amalungu omndeni asedlulile engasadluliswa ekhaya noma kungasenziwa isiko lokuwagodusa. Yikho njengobekwe eSihlalweni sikaZulu, njengomvikeli kaZulu, osewalala, ophilayo nalowo osazozalwa. Ngimemezela ukuthi isikhathi esikuso sokhuvethe siyisikhathi sempi. Ngenxa yalokhu,sengomemezela uma amasiko sekufanele enziwe sewedlulile lomkhuhlane ngoba asikwazi nokubabona besezibhedlela besagula ngenxa yokuthathelana kwalokhukufa, Ngakho-ke:

  • Bonke abasale kulempi bazothathwa njengabasale empini yokulwa nokhuvethe.
  • Emuva kokuxhumana naMakhosi ezizwe kanye nabelaphi bomndabu, kuzoba nohlelo engizolihola lokulanda, nokukhuphula ngokwesiko bonke labo abasale empini njengoba kwakwenziwa ngezikhathi zasendulo. Lokhu kuzokwenziwa kulandelwa amasiko emindeni kanye nalelo lesizwe.
  • Ngokwamukela ukuthi abantu bakababa ngokusebenzisa ilungelo labo sebelandela ezinye izinkolo okungaba wubuKhrestu, ubuNazaretha, ubuSulumane, ubuJuda, ubuRasta nezinye, kuzoba nokuxhumana nabaholi bala mahlelo ukuze nabo babeke eyabo imibono ngokugcinwa kwaleli siko lokususa uthuli, ukugeza nokukhuphula labo abasale empini yokhuvethe.
  • Ngenxa yomlando wokuhlobana kwethu nezizwe zabeNguni kanye nezinye eNingzimu ne-Afrika nase-Afrika. Kuzoba khona ukuxhumana nezinye izizwe ukuze uma kwenziwa lo msebenzi omkhulukazi nojulile siwenze ngokubambisana njengabeNguni nama-Afrika.

Kumqoka ukuthi uma senza lokhu samukele ukwehlukahlukana kwethu nokudalwa yisikhathi esiphila kuso. NjengeNkosi yenu ngiyamukela ukuthi nehlukile kokuningi kepha okubalulekile ukuba ngumZulu.

Lena ingangathi, isidinga sonke

Ekubhekaneni nalesisitha sesizukulwane sethu kumele kube nezinto esizamukelayo ngoba uma kungenjalo ngeke siphumelele, kunalokho liyobhubha ngathi. Okokuqala okumele sikwamukele ukuthi ngeke uHulumeni ayinqobe yedwa lempi. Yebo ,yena unamandla okushaya imithetho futhi unemali, kepha ngeke ayinqobe eyedwa. Okunye okumele sikwamukele ukuthi ngeke iqembu elibusayo libe nazo zonke izimpendulo kulokhu, kepha kudingeka neminye imiqondo evela kulawo maqembu aphikisayo.

Abukho uBukhosi noma inkolo okungathiwa izimpendulo ziqhamuka ngakhona kuphela. Asikho nesizwe noma uhlanga olungathi impendulo ivela kulo kuphela.  Ngalesisikhathi sempi, uBukhosi nezinhlaka zabo kumele bubambisane. Wonke amahlelo ezenkolo ngalesi sikhathi kumele abambisane. Yonke imiphakathi nezinhlaka zayo ngesikhathi sokuhlaselwa kumele ame ndawonye, kududulwe isitha esiwukhuvethe.

Nakubo abezindaba, zikhona izinqumo okumele bazithathe. Esimqoka esokuqwashisa izwe uma kukhona okudla amantshontsho emsamo ngoba bona bayiso lomphakathi. Lokhu ngiyakuphawula ngoba abezindaba bamqoka emphakathi kanti futhi nabo bangabantu ,bayawenza amaphutha futhi bayaphambuka. Esikhathini esikuso kuhle nabo babheke izinqumo zabo, kanjalo nechopho abangabamba kulo ukuze lempi siyinqobe.

Ngalesi sikhathi ulwazi oluyiqiniso lungamandla ngoba ngolwazi olwanele noluyiqiniso abantu bayakwazi ukuthatha izinqumo ezinqala. Ososayensi nabelaphi bomdabu kuhle nabo babambisane ngoba bonke banesiphiwo esifanayo kanye nomgomo ofanayo okuwukuphulukisa isintu. Ngalesi sikhathi isintu sidinga izimpendulo, nokungamele nisenzele phansi ngezimpikiswano ezingalethi mpendulo kokusiphethe.

Isiphetho  

Uma ngivula iSishayamthetho saKwaZulu-Natal ngonyaka owedlule ezinsukwini ezingaphansi kwenyanga kubikwe ukutholakala komuntu wokuqala onokhuvethe kuleli, nganxusa ukuba isizwe sibe nalokho engakubiza ngokuthi ‘Umoya WeSandlwana’. Lona ngumoya wobunye ezintweni ezithinta isizwe kanye nokuzwelana. Ngalesi sikhathi sempi siyawudinga umoya waseSandlwana okuzothi noma singaboni ngasolinye kepha sivikele ubuthina nesintu ngokubanzi.

Kulokhu nginxusa uHulumeni kuzwelonke, owezifundazwe nako masipala ukuba  aqikelele ukuthi uyaxhumana noBukhosi nobungubuholi ezindaweni zasemakhaya. Uhlobo lokuxhumana engikhuluma ngabo ngokuhlonipha isimiso soBukhosi. Uma nje ngingahlala kweleNdlovukazi uMthaniya lapho izinhlaka zoBukhosi zingakaze ziphazamiseke kungekho nokudideka ukuthi ubani  ungubani.

Ngiyeluleka ukuba uma uhulumeni enemicabango ngomhlaba kaZulu lo owafelwa zinsizwa eSandlwana  angaphethi ngokuthatha izinqumo engabuthintanga uBukhosi, engangithintanga mina njengeNhloko kaZulu. Ngikusho lokhu ngoba kuyanda ukuthi sizwe nje sekuphakwa  ekubeni singabanga yingxenye yokuphekwa kwalelo bhodwe.

Asikhumbule phela ukuthi okwaphoqa uZulu ukuba ayovikela isimiso sakhe eSandlwana kwaba yimikhuba le engixwayisa ngayo, lapho amadoda nje ayehlala lapho ayehleli khona bese enquma ngoZulu neSihlalo.

Siyamhlonipha uhulumeni wethu ngoba wakhiwe ngamadodana namadodakazi ethu kepha siyaqaphela ukuthi kukhona ukulingeka nokungahle kudale ukudonsisana singekho isidingo. Kithi umhlaba nesimiso sikaZulu kuyikho konke, yikho ngeluleka ngenhlonipho ukuthi kulokho singathathani ngesinxele nohulumeni ngoba okumqoka okwamanje wubunye esifunayo njengoZulu ukuba yingxenye yabo ngoba kumqoka.

Sonke ngalesi sikhathi sempi nokulingwa asingavumi libhubhe ngathi, asiyiphake siyidudule, kusuke ubumnyama kuvele ukukhanya.

Ngiyabonga !

About SIMPIWE MXAKAZA

Simpiwe is a communications practitioner at the Ingonyama Trust Board and is responsible for the writing of news and content management for the Ingonyama Trust Website and other associated platforms.